Lapha ngiyacela, ngiyathumela futhi ngikunika imvume ukuba ungikhokhele imali yami yempesheni kule-akhawunti yalelibhange elishiwo ngaphezulu. Ngiyazi ukuba lokhu kukhokha okugunyaziwe, kuzokwenziwa ngekhompuyutha ngokwendlela eyaziwa nge-EFT Magnetic Tape Service, futhi ngiyazi ukuthi asikho isaluleko senkokhelo esiyohlinzekwa yibhange, kodwa imininingwane yenkokhelo ngayinye iyobhalwa esitatimendeni sasebhange okanye kwi vawutsha ehambisanayo. (Lokhu akwenzeki lapho ibhange ivele ingazikhiphi izitatimende, isibonelo amasaving account noma ama transmission account). Ngiyazi ukuba izimpesheni zikhokhwa mhla zingu 25 enyangeni, okanye uma izi-25 zingoMgqibelo, ngeSonto okanye ngeholide inkokhelo iyokwenziwa ngosuku lokusebenza olangaphambili. Akunabufakazi obubambekayo obuyotholakala ukuthi imali isifakiwe ngempela. Lemvume ngingayihoxisa ngokuba ngikunikeze isexwayiso sezinsuku ezingu 30 esibhaliwe, "sithunyelwa ngeposi elibhalisiwe". Kanjalo-ke, ngiyafunga ukuba lolulwazi olungaphezulu luyiqiniso futhi lungoluphelele nanokuthi uKhomishana weziNxephezelo angeke athwale icala ngenkokhelo engeyona engabangelwa ngulwazi okungelona nolungaphelele oluthunyelwe yimina.
